Ari Sitas, Theoretical Parables as re-worked by Gladman Ngubo* (2007)
(1)Lolu khamba
lwalusetshenziswa emicimbini yekhethelo enjengokweshwama. Lwalwenziwe ngobumba olumnyama, luhlotshiswe ngemigqa enemibala esasibhakabhaka. Ngokusho kwabadala, umugqa ngamunye wawuxoxa indaba. Kuleyo micimbi-ke, kwakuxazululwa zonke izinkinga. Isiphepho sasidanjiswa, imvula engani iqanjwe igama, abangasekho kuchazwe ukuthi basho ukuthini.
Kuhambe kwahamba, lolu khamba lwaphahlazeka. Kwaba ngamashumi eminyaka abantu bezama ukulubumba kabusha. Basebenzisa lona lolu bumba olumnyama nemibala esasibhakabhaka, bamba bedlula ngisho umgodi wemayini yegolide ukuze babe nesiqiniseko. Basebenzisa ngisho namagatsha emithi, indwangu yesaka nedayimane, kodwa konke kwanhlanga zimuka nomoya. Isishingishane saphephula izinkomo emasimini, isomiso sadla umunyu, abangasekho baphenduka ize leze.
Kodwa izinkamba ezintsha zakhanga uma uzibuka.